AFL1502 Imofoloji (Morphology) neSinteksi (Syntax)
PRESENTER
Mr. E.N. Nzimande
E-mail:
[email protected]
Tel: 012 429 8531
IMofoloji(Morphology)
Imofoloji siyangayichaza njengesifundo sokwakheka kwamagama.
Yisifundo sezakhi zamagama noma amamofimu
Isakhi noma imofimu yona singayichaza njengengxenye incane yegama engeke yacozululwa ibe izingxenyana ezincane.
Kukhona izinhlobo ezimbili zamamofimu/zezakhi: amamofimu azimele (free morphemes), kanye namamofimu abhangqiwe (bound morphemes)
Amamofimu azimele: nya, bhuqe, du, ngqi, (ideophones/izenzukuthi)
Amamofimu abhangqiwe: umfana, isisu (amabizo/nouns) um- = isilaqo (imofimu yokuqala) -fana = isiqu (imofimu yesibili)
Isinteksi (Syntax)
Isinteksi singayichaza njengesifundo sokwakheka kwemishwana kanye nemisho.
Iyisifundo sokuhlanganiswa kwamagama ahlukene ukwakha imisho enomqondo nezwakalayo.
Indlela amagama okumele abhaleke ngayo nokumele alandelane ngayo emshweni ilawulwa yimithetho yesinteksi.
Umthetho wesinteksi uthi umusho ophelele kumele ube nenhloko kanye nesenzo, isib. ingane iyafunda.
Futhi emushweni ojwayelekile inhloko/umenzi uba sekuqaleni komusho.
Umenziwa yena ngokujwayelekile uba sekugcineni komusho, isib. Umfana ukhahlela ibhola. (Ibhola = umenziwa).
Ibizo (Noun)
Ibizo lisho igama lento ebonakalayo noma engabonakali.
Liyigama elimele into ethile noma umuntu.
Amabizo asho into ebonakalayo singabala kuwo:
Imbuzi ‘goat’
Umuntu ‘person’
Utshani ‘grass’
Imoto ‘car’
Inkukhu ‘chicken’
Ibizo (Noun) liyaqhubeka …
Amabizo asho into engabonakali singabala kuwo:
Umoya ‘air/wind’
Ukufa ‘death’
Ubugwala ‘cowardice’
Ukugula ‘sickness’
Inhloso ‘objective/aim’
Ibizo (Noun) liyaqhubeka …
EsiZulwini kuphinde futhi kube khona amabizo endabuko (original nouns) Kanye namabizo okubolekwa (borrowed/loan nouns).
Amabizo endabuko singabala kuwo:
Ingane ‘child’
Ukudla ‘food’
Inja ‘dog’
Umoya ‘air/wind’
Ukuthula ‘quietness/silence’
Ibizo (Noun) liyaqhubeka …
Kanti amabizo okubolekwa wona yilawa alandelayo:
Isenti
‘cent’
Irama
‘rama’
Ipuleti
‘plate’
Iwindi
‘window’
Ikati
‘cat’
Iphepha ‘paper’
Ifonoloji ‘phonology’
Ukusebenza kwebizo emshweni
Ibizo lisebenza ngale ndlela emshweni:
Izingane zibhukuda olwandle. Ikhekhe liyadliwa. Ubaba uganwe yisithembu. Uthisha ufundsa abafundi.
Inja iluma ikati. imbuzi idla utshani.
Izigaba zamabizo (noun classes)
Ibizo lakhiwe izingxenye ezimbili: isiqalo + isiqu.
Isib. Isi- (isiqalo) + -nkwa (isiqu) = isinkwa
Isiqu (stem) sebizo asiguquki kodwa okuguqukayo isiqalo (prefix).
Esizulwini kunalezi gaba zamabizo ezilandelayo:
1. um(u)-
4. imi-
9. in-/im-
14. ubu-
2. aba-/abe-
5. ili-
10. izin-/izim-
15. uku-
1. (a) u-
6. ama-
11. ulu-
2. (a) o-
7. isi-
12.
3. umu
8. izi-
13.
Izigaba zamabizo (noun classes) …
Lezi gaba ezilandelayo akusezona izigama zamabizo kodwa sekuyiziqalo zezandiso:
Pha- (isib. phakathi, phambili)
Ku- (isib. kude, kuyo, kuSipho)
Mu- (isib. muva)
Izibonelo (examples) 1. um(u)-
(umuntu/um(u)ntwana)
2. aba-
(abathakathi)
1. (a) u-
(ugogo)
2. (a) o-
(ogogo)
3. umu
(umuthi)
4. imi-
(imizi)
5. ili-
(ilitshe)
6. ama-
(amazambane)
Izibonelo (examples) … 7. isi-
(isisu)
8. izi-
(izizwe)
9. in-/im
(inkomo/imvu)
10. izin-/izim-
(izinja/izimfene)
11. ulu-
(uluthi)
12. 13. 14. ubu-
(ubuso)
15. uku-
(ukufa)
Ubunye nobuningi
Uma sisa amabizo ethu ebuningini, isigaba sawo siyashintsha.
Kodwa ukushintsha kwawo kuyefana,
Lokho okusho ukuthi uma ibizo lesigaba ‘1.’ lishintshela esigabeni ‘2.’ uma silisa ebuningini, wonke amabizo esigaba ‘1.’ azoshintshela esigabeni ‘2.’ uma siwayisa ebuningini.
Lokhu kwaholela ekutheni kwaziwe ukuthi iziphi izigaba zamabizo ezihambisanayo ngokobunye nobuningi.
Ubunye nobuningi Izigaba ezihambisanayo ngokobunye nobuningi zimi kanje:
Ubunye
Ubuningi
1.
um(u)- (um(u)ntwana)
2.
aba- (abantwana)
1.(a)
u- (ugogo)
2.
(a) o- (ogogo)
3.
umu- (umuzi)
4.
imi- (imizi)
5.
ili- (ilizwe)
6.
ama- (amazwe)
7.
isi- (isitsha)
8.
izi- (izitsha)
9.
in-/im- (inkomo/imvu)
10. izin-/izim- (izinkomo/izimvu)
11.
ulu- (uluthi)
10. izin- (izinti)
Ubunye nobuningi … Ubunye
Ubuningi
12. -
-
13. -
-
14. ubu- (ubuzwe)
-
15. uku- (ukudla)
-
Ukwakhiwa kwamabizo amasha
Ezilimini eziningi kukhona amabizo akhiwa ngokususelwa kwezinye izingcezu zenkulumo.
NasesiZulwini lukhona lolu hlobo lwamabizo.
Ngokujwayelekile esiZulwini amabizo amasha akhiwa ngokususelwa ezenzweni.
Yilezi ezilandelayo izibonelo zamabizo asuselwe ezenzweni:
Hamba – umhambi/abahambi
Khuluma – isikhulumi/izikhulumi
Yidla – ukudla
Faka - ukufaka
busa – ukubusa/umbuso/imibuso
Amabizombaxa
Ambabizombaxa angenye yezindlela zokhwaka amabizo amasha.
La mabizo akhiwa ngokuhlanganisa izingcezu zenkulumo ezimbili.
Aphinde futhi abizwe ngamabizongxube.
Nazi izibonelo ezilandelayo: Ibizo nebizo umninindlu = umnikazi + indlu Isenzo nesabizwana uvumazonke = vuma + zonke Isenzo nesenzo ucelazimnike = cela = nika
Amabizombaxa … Ibizo nesiphawulo
ubabamkhulu = ubaba + omkhulu Ibizo nongumnini umfowabo = umfo + wabo Ibizo nesenzo
uzinyobulala = izinyo + bulala
Izijobelelo zamabizo
EsiZulwini kunezinhlobo ezimbili zezijobelelo: isijobelelo sesinciphiso nesijobelelo sesikhuliso.
Isijobelelo sokunciphisa yilesi: -ana.
Isijobelelo sesinciphiso sisetshenziswa:
Ukukhomba ubuncane bento: isib. umntwana, inkosana, amanzana, impushana
Ukukhomba indelelo: isib. ikhanjana, imiconjwana, umkhatshana, intshetshana.
Izijobelelo zamabizo …
Isijobelelo sesikhuliso sona yilesi: -kazi.
Sisetshenziswa:
Ukukhulisa into: indlebekazi, isihluthukazi, indukukazi.
Ukukhomba ubulili besifazane: insikazi, inkomazi, isikhukhukazi.
Isilandiso (Predicate)
Isilandiso yigama elisitshela ngesenzeko.
Lisitshela ngalokho okwenzekayo/okwenziwayo.
Imvamisa lisitshela ngalokho okwenziwa ngumenzi/yinhloko emshweni.
Kunezinhlobo ezimbili zesilandiso: isenzo nesibanjalo
Isenzo (Verb)
Isenzo singolunye lwezingcezu zenkulumo olimini.
Ulimi nolimi lunamagama abizwa ngokuthi izenzo.
EsiZulwini akukho lula ukuchaza ukuthi siyini isenzo.
Kodwa-ke singasho ukuthi isenzo siyigama elisitshela ngesenzeko.
Siyigama elibalula ngalokho esikwenzayo.
Siyigama elisitshela ngalokho okwenziwa ngumenzi/yinhloko yomusho.
Emushwemi olula isenzo sakhiwe izingxenye ezimbili: isivumelwano sikamenzi + isiqu.
Isib. Bakhuluma
Ba- = isivumelwano sikamenzi; -khuluma = isiqu.
Isenzo (Verb) …
Kuyenzeka kwesinye isikhathi ukuthi isenzo sibe nesivumelwano sikamenziwa uma imisho yethu isiya ngokuya iba nzima.
Isib. bayalikhahlela ba = isimumelwano sikamenzi; ya = isakhi sento eqhubekayo ; li = isivumelwano sikamenziwa; -khahlela = isiqu uzokupheka u = isivumelwano sikamenzi; zo = isakhi senkathi ezayo; ku = isivumelwano sikamenziwa; -pheka = isiqu
Izinhlobo zezenzo (Types of verbs)
Izenzo zahlulahlukene ngokwezinhlobo zazo.
Ukwehlukana esikhuluma ngakho la ukwehlukana mayelana namalungu isiqu sesenzo esinawo.
Kukhona izenzo:
Ezilunga linye
Ezimalunga mabili
Ezimalunga mathathu
Ezimalunga maningi (angaphezu kwamathathu)
Izenzo ezilunga linye (Monosyllabic verbs)
Izenzo ezilunga linye ilezo ezinesiqu esiyilunga elilodwa.
Isib.:
-fa > Wafa umuntu.
‘The person is dying/died.’
-pha > Ipha ingane ukudla.
‘Give the child food.’
-dla > Sadla sesutha kwakho.
‘We ate until we were satisfied at your home.’
-ma > Sama kwaze kwafika ibhasi
‘We waited until the bus came.’
Izenzo ezimalunga mabili (Disyllabic verbs)
Izenzo ezimalunga mabili ilezo ezineziqu ezakhiwe amalunga amabili.
Isib.:
-dlala > Uthemba udlala ibhola.
‘Themba is playing the ball.’
-funda > Izingane zifunda isiZulu.
‘Children are learning Zulu.’
-thela > Umama uthela amanzi.
‘The mother is pouring water.’
-Bhema > Indoda ibhema ugwayi.
‘The man is smoking cigarette.’
-cula > Umfowethu ucula ingoma.
‘My brother is singing a song.’
Izenzo ezimalunga mabili (Disyllabic verbs) …
Ezibonelweni ezingenhla kunalamalunga alandelayo akhe izenzo:
-dlala > –dla- + -la
-funda > -fu- + -nda
-thela > -the- + -la
-bhema > -bhe- + -ma
-cula > -cu- + -la
Izenzo ezimalunga mathathu (Trisyllabic verbs)
Izenzo ezimalunga mathathu ilezo ezineziqu ezakhiwe amalunga amathathu.
Isib.:
-sebenza > Ubaba usebenza eGoli.
‘My father is working in Joburg.’
-hlikihla > Uthami uhlikihla ubuso.
‘Thami is rubbing the face.’
-khahlela > Umfana ukhahlela ibhola. ‘The boy is kicking the ball.’
-Khuluma > Ingane ikhuluma nothisha. ‘The learner is talking to the teacher.’
-dubula > USipho udubula ubhejane.
‘Sipho is shooting the rhino.’
Izenzo ezinamalunga amaningi (Multisyllabic verbs)
Izenzo ezinamalunga amaningi ilezo ezineziqu ezakhiwe amalunga amane noma ngaphezulu.
Isib.:
-vundulula > Uzinhle uvundulula isikibha sakhe. ‘Zinhle is searching for her T-shirt.
-dikibala > Uvele wadikibala uma bemtshela.
‘He/she lost interest when they told him/her.
-bhaxabula > Ubaba ubhaxabula ingane.
‘The father is beating the child.’
Ukusebenza kwesenzo (the function of the verb)
Sike sasho ekuqaleni kwesifundo ukuthi isenzo sisebenza ukuchaza into esenziwa umenzi.
Isenzo sisebenza ngale ndlela elandelayo emshweni:
Inja idla ukudla.
‘The dog is eating food.’
Ingane ifunda incwadi.
‘The child is reading the book.’
Umthakathi ugibele imfene.
‘The wizard is riding the baboon.’
Uthisha umaka isivivinyo.
‘The teacher is marking the exam.’
UMlahleni ujikijela itshe.
‘Mlahleni is throwing the stone.’
Isibanjalo
Isibanjalo naso senza umsebenzi ofanayo nowenziwa yisenzo emshweni.
Naso sichaza ngesenzeko/ngalokho okwenziwa ngumenzi/yinhloko yomusho.
Isib. Abanecala othisha/ngothisha.
Igama ‘othisha/ngothisha’ kulo musho yisibanjalo.
Isibanjalo singakhiwa ngalezi ngcezu zenkulumo: Amabizo, isib. Ngabafana, wuSipho, yingane Izabizwana, isib. Yimi, nguye, yibo, yithi, ngizo, yizo. Iziphawulo, isib. Mfushane/mfishane, mubi, mude, mkhulu, mncane. Izibaluli, isib. Imhlophe, zimnyama, baqotho, kumnandi. Izandiso, isib. Baphansi, bakude, basemfuleni, usekhaya.
Izibonelo zokusebenza kwesibanjalo emshweni
Isibanjalo singasebenza ngale ndlela elandelayo emshweni:
Izingane zakhe ngamawele. Thina sisonke. Abafana yizinja. Isikhwama sakhe yilesi.
Indoda yakhe yimi(na).
Imvumelwano (agreement)
Imvumelwano iyona eyenza imisho yethu ibe nomqondo.
EsiZulwini kunezinhlobo ezimbili zemvumelwano: imvumelwano kamenzi/yenhloko nemvumelwano kamenziwa.
Zombili lezi mvumelwano ziba yinglenye yesenzo emshweni.
Ziba yizakhi/ngamamofimu atholakala esenzweni.
Izibonelo zemvumelwano kamenzi/yenhloko: Umfana uyahamba (u = isivumelwano sikamenzi) Ikati liyadla (li = isivumelwano sikamenzi) Izinkwa ziphelile (zi = //)
Abafundi bayafeyila. (ba = //)
Imvumelwano (agreement)
Izibonelo zemvumelwano kamenziwa:
Abafana bayalidla ikhekhe. (li = imvumelwano kamenziwa) Inja iyilumile ingane. (yi = //) Abafundi bayazifunda izincwadi. (zi = //) Uzodwa uyabathanda abafana (ba = //) Isigaba nesigaba sebizo sinemvumelwano kamenzi nekamenziwa ehambisana naso.
Isabizwana (Pronoun)
Isabizwana igama elisetshenziswa esikhundleni sebizo.
Lokho okuchaza ukuthi ibizo nebizo linesabizwana salo esihambisana nalo, isib. Inja = yona, abantu = bona, ufudu = lona.
Nokho-ke kukhona amabizo ahlukene anesabizwana esifanayo, isib. Ukudla = kona; ukufa = kona.
Isibonelo esingenhla sisivezela ukuthi amabizo anesiqalo (prefix) esifanayo anesabizwana esisodwa.
Lokho okusivezela ukuthi isabizwana sakhiwa ngokususelwa esiqalweni sebizo.
Izinhlobo zesabizwana (types of pronouns)
Esizulwini kunezinhlobo ezintathu zesabizwana:
1.
Isabizwana soqobo (absolute pronoun)
2.
Isabizwana senani/sokubala (quantitative pronoun)
3.
Isabizwana sokukhomba (demonstrative pronoun)
Zozintathu lezi nhlobo zakhiwe: isivumelwano sikamenzi kanye nesiqu. Isib. Yena (ye- = isivumelwano sikamenzi; -na = isiqu). zonke (zo- = isivumelwano sikamenzi; -nke = isiqu) lowo (lo- = isivumelwano sikamenzi; -wo = isiqu)
Isabizwana soqobo
Isabizwana soqobo igama elimele ibizo elikhomba umuntu noma into ethile.
Izabizwana zoqobo ezijwayelekile ilezi ezilandelayo: yena mina bona
zona yona thina
Ukusebenza kwesabizwana soqobo emshweni
Abantu bayahamba
‘people are leaving’
Bona bayahamba
USipho uphuza utshwala
‘Sipho is drinking beer’
Yena uphuza utshwala
Izinja ziyaluma Zona ziyaluma
‘The dogs bite’
Isabizwana senani/sokubala
Isabizwana sokubala sisitshela ngenani lento.
Siphendula umbuzo othi ‘okungaki/abangaki, ezingaki njll’.
Nazi izinhlobo zezabizwana zenani ezejwayelekile: Bonke zonke
yedwa -bili -thathu
Ukusebenza kwesabizwana sokubala emshweni
Isabizwana sokubala sisebenza ngale ndlela elandelayo emshweni:
(Izimoto) zonke zigitshelwe. (zonke = isabizwana senani) (Umfana) yedwa uzobhala. (yedwa = //) (Abantu) bonke bayeza. (bonke - //) (izintombi) ezimbili ziyangithanda. (ezimbili = //)
Isabizwana sokukhomba
Isabizwana sokukhomba sona sikhomba into eseduze, ebuqamama kanye nekude nalowo okhulumayo.
Kunalezi nhlobo ezilandelayo zesabizwana sokukhomba: Eduze
Buqamama
Kude
laba
labo
labaya
lezi
lezo
leziya
lo
lowo
lowaya
lesi
leso
lesiya
Ukusebenza kwesabizwana emshweni
Isabizwana sokukhomba singasebenza ngalendlela elandelayo emshweni:
(Izingane) lezi ziyafunda. (Abafundi) labo bayabhala. (Izitsha) leziya kumele sigezwe. (Ikhekhe) leli lizodliwa.
Lokhu ngiyakwazi.
Isiphawulo (Adjective)
Uma sisebenzisa amagama emshweni siye sithole ukuthi igama negama liwucezu oluthile lwenkulumo,
Futhi kunomsebenzi othile eliwenzayo.
Isiphawulo ke naso singolunye lwezingcezu zenkulumo.
Isiphawulo yisichasiso (qualificative) esichaza ibizo nesabizwana.
Igama elichaza ibizo noma isabizwana emshweni.
Leli gama liye liwachaze la magama eliwalandelayo emshweni ngezindlela eziningi ezahlukene (buka izibonelo ngezansi).
Izinhlobo zesiphawulo (types of adjectives)
Izinhlobo zesiphawulo ezijwayelekile zinale ziqu ezilandelayo:
-hle
(abantwana abahle ‘beautiful children’)
-khulu
(abantu abakhulu ‘prominent individuals’)
-ncane
(inking encane ‘minor problem’)
-ningi
(izimpethu eziningi ‘many worms’)
-sha njll.
(imoto entsha ‘new car’)
Isivumelwano sesiphawulo nebizo(adjective-noun agreement)
Uma sibheka kukhona ukuvumelana okukhona phakathi kwebizo kanye nesiphawulo.
Isibonelo:
Izihlahla ezinkulu
‘big trees’
Abantu abasha
‘young people’
Amathuba amaningi
‘plenty opportunities’
Ukusentshenziswa kwesiphawulo (usage examples)
Isiphawulo singasetshenziswa kanje emshweni:
Izinkawu eziningi zifile
‘many monkeys died’
Umfazi omusha uyeza
‘a new wife is coming’
Umuntu omkhulu uwile
‘a big person fell’
Ingulube encane ihlatshiwe
‘a young pig was slaughtered’
Intombi enhle ikhulelwe
‘a beautiful girl is pregnant’
Ubumnini (Possessive)
Ubumnini/ongumnini igama elisebenza ukuchaza ibizo noma isabizwana.
Silisebenzisa ukukhombisa ubunikazi bento.
Silisebenzisa ukukhomba ukuthi into ingekabani noma ingeyani.
Ubumnini bunezingxenye ezimbili: isivumelwano kanye nesiqu.
Zonke izivumelwano zongumnini zigcina ngonkamisa u ‘-a’.
Uma sifaka isivumelwano sobumnini ebizweni kulandelana onkamisa.
Lokho okungavumelekile esiZulwini.
Okugcina sekuholele ekutheni kube khona ukulumbana konkamisa (vowel coalescence).
Ubumnini (Possessive) buyaqhubeka … Isibonelo:
umlenze waingane
=
umlenze wengane
umsebenzi waumphathi
=
umsebenzi womphathi
Ilifa laindodana
=
ilifa lendodana
Izibonelo zobumnini (examples)
Ngokujwayelekile ubumnini busebenzisa amabizo ukukhombisa ubunizaki bento.
Vele ubunikazi busuke bungobebizo.
Izibonelo:
Ukudla kwenja
‘dog’s food’
Abafazi bendoda
‘men’s wives’
Indlu kagogo
‘granny’s house’
Umthwalo womfana
‘boy’s luggage’
Isidleke senyoni
‘bird’s nest’
Izibonelo zobumnini (examples) ziyaqhubeka
Nokho-ke kwesinye isikhathi ubumnini abusebenzisi amabizo kodwa busebenzisa izabizwana zawo.
Izibonelo:
Izintombi zami (mina) zinhle
‘my girlfriends are beautiful’
Umbala wayo (inkomo) umhlophe
‘its colour is white’
Isitsha sakhe (umfana) sintshontshiwe
‘His container was stolen’
Ukudla kwabo (osisi) kubi
‘their food is not tasting good’
Ukuhleka kwazo (izintombi) kuyacika
‘their laughter is annoying’
Isibaluli
Isibaluli singasichaza njengegama ezicacisa ngomenzi/ngenhloko noma ngomenziwa emshweni.
Senza umsebenzi ofanayo nalowo owenziwa yisiphawulo nongumnini.
Kunalezi balulo ezilandelayo ezejwayelekile: -qotho -qatha -mnandi -mhlophe -bomvu
-ngcono
Ukusebenza kwesibaluli emshweni
Abantu abamhlophe banemali.
Ukudla okumnandi ngiyakuthanda.
Umuntu oqotho uyanconywa.
Inkomo ebomvu izohlatshwa.
Abantu abangcono bayazitshela.
Inani
Inani nalo lenza umsebenzi wokucacisa ngenhloko/ngomenzi noma ngomenziwa emshweni.
Njengesiphawulo isibaluli kanye nongumnini.
Nazi iziqu zenana ezijwayelekile: -phi -ni -nye -mbe
Izibonelo zokusebenza kwenani emshweni
Inani lingasebenza ngalezi ndlela emshweni:
Bazogibela imoto yiphi? Umuntu mumbe uboshiwe. Ufuna ukuthenga moto yini? Okunye ukudla sizokushiya.
Isandiso (adverb)
Isandiso yigama ezichaza ngesenzo.
Licacisa ngokwenzeka kwesenzo.
Kunezinhlobo ezintathu zesandiso:
Kukhona isandiso sesikhathi, esichaza ukuthi into yenzeke nini.
Isib., ebusuku, ekuseni, izolo, nyakenye, ekuqaleni, ehlobo, kudala
Kukhona isandiso sendawo esaziwa ngokuthi ngundaweni, sona esichaza ngendawo lapho isenzo senzeka khona.
Isib. eGoli, ekhaya, etekisini, ekhanda, onyaweni, Kuthemba, phakathi, KwaNdengezi, njll.
Isandiso (adverb) …
Kukhona isandiso sesimo, esisitshela ngesimo noma ngendlela isenzo esenzeka ngayo.
Isib., kabuhlungu, kanzima, kahle, ngesandla, nengane.
Ngenhla sike sabalula ukuthi izigaba zamabizo, 16, 17, no 18 nazo sibalwa ngaphansi kwesilandiso.
Isigaba 16. pha-, no 17. ku-, zona zingena ngaphansi kukandaweni ngoba zisitshela ngendawo lapho kwenzeka khona isenzo. Isib. phakathi, kubaba.
Isigaba 18. mu-, sona singena ngaphansi kwesandiso sesikhathi ngoba sisitshela ngesikhathi lapho isenzo senzeka khona. Isib. muva (Akasalidli ikhekhe muva nje.).
Ukusebenza kwesandiso emshweni
Isandiso singasebenza ngalendlela elandelayo emshweni:
Imoto uyishayise ebusuku. (sesikhathi) Ummbila utshalwa entwasahlobo. (sesikhathi) USipho usebenza eThekwini. (undaweni)
Isivalo simshaye ekhanda. (undaweni) Insimbi imugqeme kabuhlungu. (sesimo) UMabelejongosi bamugwaze ngomkhonto. (sesimo)
The End
Wait … One more thing!!!